Izwi Elifresh

Ubani ongathi usuku nosuku alunazehlo ezishonisa phansi umphefumulo wakhe, zimshiye edidekile?

Kulesosimo kanye angikutshele ukuth sikulethele iZwi lomphefumulo eliyimzuzu emithathu Vo!
Eliza kuwe Li-Fresh ukubhekana nezehlo zosuku ngalunye.

Uma uzifuna njalo lezinkulumo ezimfushane ungajoyina iqoqo ngokungena kule Link elandelayo.
Daily Zulu South Africa Christianity · Self-Improvement
82 Episodes
1 – 20

Ukugudluza Amachashaza Esono

Ngesikhathi wenza into owaziyo ukuthi iwrong ,uqobo lwalesosono sichaphakela sihlale njengamachashazi egazi engubeni emhlophe .Kuzwakala kunzima ukuwagudluza ,ngakho umuzwa wecala ukudla njengomdlavuza .
25 May 10PM 3 min

Khuthazanani

Angingabazi nakanjani usuke waba nawo lowomuzwa wokuzizwa uphansi,ebese kuvese kuqhamuke umuntu namazwi enkuthazo ebese ngokuphazima kweso uzizwe umoya wakho uphakama ,ayiguqule impilo yakho ,ngisho impilo yakho uqobo .
24 May 10PM 3 min

Ingcaciso Yemizwa Yenhliziyo

Enye yezinto iningi lethu elingelihle kuyo ,ngukufunda imizwa yenhliziyo yomunye omuntu – andukuba sisho kumbe senze lokhu ebesifuna ukukusho nokukwenza .Kodwa kukhona nenye into futhi esedlulele kuyo .
23 May 10PM 3 min

Ukulalela Umthetho KaKhrestu

Ake sibuke ngamehlo engqondo ukuthi ekujuleni kwenhliziyo yakho ulangazelela ukwenza okuhle ;ufuna ukwenza lokho kanye uNkulunkulu athi umelwe ukukwenza .Kodwa njengokuba sibonile izolo ,lokho akuhlali kulula .,,angithi
22 May 10PM 3 min

Ukuthokozisa UNkulunkulu

Mhlawumbe ungumuntu ofuna ukuthokozisa uNkulunkulu ,kodwa[nginesiqiniseko usuke wakuqaphela lokhu] akuhlali kulula zikhathi zonke .Ngakho …pho usendlala kanjani isisekelo esiqinile ukukwazi ukuphumelela ukukwenza lokho ;ukuba impela ufinyelele ekuphileni impilo ethokozisa uNkulunkulu ?
21 May 10PM 3 min

Ungazitsheli Ngolwakusasa

Ngakho ngicela ukukubuza ,zithini izinhlelo zakho ngekusasa,ngesonto elizayo,ngenyanga ezayo nangonyaka ozayo. Abanye abantu bahlela kweqe ,abanye abahleli sanhlobo ,kodwa ekugcineni sonke sinamaphupho namathemba ekusasa esinawo.Akunjalo?
18 May 10PM 3 min

Nanka Amandla Akho Avela Phezulu

Ngathatheka kakhulu ngento eyashiwo yilomuntu kimi , u-Des Ong, .Wathi, “Ngikhathele abantu abathi i-‘emotional intelligence’ iyi-soft skill. Lutho akunjalo ! I-Emotional intelligence ingamandla akho amakhulu avela phezulu !” Zasha !
17 May 10PM 3 min

Indawo Yomusa

Uyazikhumbula ngezikhathi useyi teenager ukuthi lezokhathi zokuthomba zazinzima kanjani? Usuthe qinqo kulentatshana yokuphuma ebunganeni ,usungumuntu omdala ,nakuba ungakabi mdala ngokwanele .Yisigaba sokuphila esigcwele ukudideka lesi .
16 May 10PM 3 min

Hamba I-mayela

Ngicabanga ngokungabazi ukuthi sewake wasizwa lesosisho esithi ukukwazi ukumqonda umuntu udinga ukungena ezicathulweni zakhe uhambe ngazo ibanga elide eliyi mayela okungenani ngazo.Ngamanye amazwi zibeke kwi-position lomuntu akuyona ukuze ubone izinto ngendlela azibona ngayo yena.
15 May 10PM 3 min

Ukuqhelisa Ukuhlulelwa

Kuyamangazana ukuthi kukangakanani sihlulela abanye abantu .Ukuthi babukeka kanjani,ubuso babo,ukubukeka kwemizimba yabo uma bekhuluma ,bathini ,benzani.Kahle hle sihlulela abaningi abantu usuku ngalunye .
14 May 10PM 3 min

Ugweme Lomgoga

Akungabazeki ukuthi ziningi izikhathi empilweni yakho la ubugcwele khona ukusaba .Nami kuke kungenze! Futhi yebo kuyimvelo ,ukuze kusigcine siphephile .Kodwa uma siphila kulesosimo isikhathi eside kweqe ,kungagcina kusiholela endleleni ewrong .
11 May 10PM 3 min

Ithemba Lempela

Amandla nenhlupheko akuwona amagama esivamisa ukuwasebenzisa sikhathi sinye uma sisho umusho. Kodwa uthola ukuthi kusikhathi sinye impela lakhona sisenhluphekweni esidinga khona uNkulunkulu ukuba adedele athulule amandla akhe angachazekiyo kithi.
10 May 10PM 3 min

Yazi UKhrestu,Yiba NjengoKhrestu

Njengobaba kukaningi ngifisa ngokujulile ngezingane zami ukuthi sengathi ngingakwazi ukudlulisela inhlakanipho yakho konke engikufunde empilweni eminyakeni yokuphila kwami namandla alokho engikwazi ukubenzela khona
9 May 10PM 3 min

Ukuba Right KuNkulunkulu

Noma yimuphi owesilisa oganiwe uzokutshela ukuthi izimpikiswano ziyizinto ezikhona emshadweni ,kodwa ukuvumela lokho kungaboni ngaso linye kuhlale kuza kufukanyelwe kuze kuzale itshelwe eqandeni , kusuke sekuyindlela ebheke encithakalweni ,engagcina esahlukanisweni
8 May 10PM 2 min

Akuphumele Ekukhanyeno

Imvamisa uma sinotho esifuna ukulufihla kusuke kubandakanya isono . Akuhlali kunjalo ,kodwa imvamisa .Uma unento ofuna ukuyifihla kubantu .Ngakho uma unento ofuna ukuyifihla kubantu ,umbuzo osemqoka ngukuthi , “Kungani”?
7 May 10PM 3 min

Esikhathini Esihle

Isaya 60:22 Omncane uyakuba yinkulungwane, ophansi abe yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.”
4 May 10PM 3 min

Yini Eyena UNkulunkulu Athokoze

Amahubo 147:11,12 UJehova uyathokoza ngabamesabayo ,abathemba umusa wakhe .Jerusalema mbabaze uJehova ,Siyoni mdumise uNkulunkulu.
3 May 10PM 3 min

Isikhathi Simanje

2 KwabaseKhorinte 6:2 Ngokuba uthi[UNkulunkulu]: “Ngesikhathi esihle ngikuzwile, nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa;” bheka, manje kuyisikhathi esihle kakhulu; bheka, manje kulusuku lwensindiso
2 May 10PM 3 min

Ngenxa Yethu

2 KwabaseKhorinte 5:21 Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.
30 Apr 10PM 2 min
1 – 20